{"product_id":"uhector-umfana-umbhikisho-nesithombe-esashintsha-umbuso-wobandlululo-ngu-adrienne-wright","title":"uHector: Umfana, Umbhikisho nesithombe Esashintsha Umbuso Wobandlululo Ngu-Adrienne Wright","description":"\u003cp\u003eUsuku lomhla zili-16 kuNhlangulana, 1976 - kanti eSoweto, izitshudeni ziyaviva. Uhulumeni wobandlululo ufuna kufundiswe abafundi ngesiBhunu, manje-ke abafundi bathukuthele. Ngokuphazima kweso abantu bonke elokishini sebegcwele emgwaqweni, kungekudala umhlaba wonke uzokwazi ngalo kanye nesihluku sobandlululo. \u003c\/p\u003e\n\u003cp\u003e \u003c\/p\u003e\n\u003cp\u003eLe ndaba yosuku olubi kakhulu kodwa futhi olubalulekile emlandweni waseNingizimu Afrika ixoxwa ngoHector, umfanyana nje ojwayelekile waseSoweto, u-Antoinette, udadewabo omdala, kanye noSam, intatheli engumthwebuli wezithombe. Ngokuhambisana nemifanekiso enamandla, u-Adrienne Wright uxoxa indaba kaHector Pieterson futhi ulandisa ngezigameko eziphula umphefumulo ezaphaphamisa umhlaba wonke ngobubi bobandlululo.\u003c\/p\u003e\n\u003cp\u003e \u003c\/p\u003e\n\u003cp\u003eLe ncwadi iyifa lokuhlonipha igama lomfowethu futhi sizolazisa ezizukulwaneni ngezizukulwane ezizayo.\" - Antoinette Sithole, udadewabo kaHector Pieterson. \u003c\/p\u003e","brand":"Jacana","offers":[{"title":"Default Title","offer_id":47632771285250,"sku":null,"price":160.0,"currency_code":"ZAR","in_stock":true}],"thumbnail_url":"\/\/cdn.shopify.com\/s\/files\/1\/1160\/4950\/files\/C9185973-B24A-4163-AEDA-15F7CF145F19.webp?v=1775655163","url":"https:\/\/bridgebooks.co.za\/products\/uhector-umfana-umbhikisho-nesithombe-esashintsha-umbuso-wobandlululo-ngu-adrienne-wright","provider":"Bridge Books","version":"1.0","type":"link"}