Skip to product information
1 of 1

Jacana

Iphupho Likankulunkulu (isiZulu) by Desmond Tutu

Iphupho Likankulunkulu (isiZulu) by Desmond Tutu

Regular price R 130.00 ZAR
Regular price Sale price R 130.00 ZAR
Sale Sold out
Tax included.

Ngamazwi amnene nagcwele inhlakanipho uDesmond Tutu owawina iNobel Peace Prize ukhuluma ngamazwi amnene nagcwele inhlakanipho, nezingane yonke indawo ngomyalezo okhuthazayo wothando nokuxolelana.

“Mntwana othandekayo kaNkulunkulu, uphupha ngani emaphusheni akho amnandi? Ngabe uphupha undizela phezulu emafini noma ngothingo lwenkosazane olufinyelela phezulu esibhakabhakeni?”

UMbhishobhi UDesmond Tutu waklonyeliswa ngendondo yoxolo eyaziwa ngokuthi i-Nobel Peace Prize ngo-1984 ngokuzinikela kwakhe ukulwela inkululeko, ubulungiswa kanye noxolo ezweni lakhe lokuzalwa eNingizimu Afrika. Wake wasebenza njengoMbhishobhi wase-Cape Town, eNingizimu Afrika kusukela ngo-1986 kuya ku-1996. Ngo-1995, uNelson Mandela owayenguMongameli wezwe laseNingizimu Afrika, wamcela ukuba aphathe uhlelo lwekhomishana eyaziwa ngokuthi i-Truth and Reconciliation Commission, olwaphenduka lwaba uphawu lokuxolelana nokuhlalisana kwabantu bonke bezwe laseNingizimu Afrika. uMbhishobhi uTutu ungusihlalo wenhlangano Yabantu Abadala, okuyinhlangano yabaholi bamazwe omhlaba wonke, kanye nabalwela uxolo  namalungelo abantu abanikezwe umsebenzi wokusiza ukuqeda izimpi nokuxazulula izinkinga zamazwe omhlaba onke (www.TheElders.org). Incwadi asanda ukuyibhala ibizwa ngokuthi God Has a Dream: A Vision of Hope for Our Time. Usaqhubeka nokudlala  indawo ephambili ukugqugquzela uxolo nokuxolelana kwamazwe. UMbhishobhi uhlala eNingizimu Afrika nenkosikazi yakhe uLeah, banezingane ezine kanye nabazukulu abayisikhombisa.

UDouglas Carlton Abrams ubhale noMbhishobhi uDesmond Tutu incwadi ethi God Has a Dream: A Vision of Hope for Our Time. Izincwadi zakhe eziningi zihunyushelwe ezilimini ezingaphezulu kwamadazini amabili. Ungumsunguli we-Idea Architects, okuyi-ejensi yokukhulisa izincwadi nemidiya esebenzisana nababhali abaneso elibukhali lokubhala izincwadi ezikhuthaza umhlaba ogcwele inhlakanipho noxolo. uDouglas Carlton Abrams uhlala eCalifornia nonkosikazi wakhe nezingane zabo ezintathu.

ULeUyen Pham ungumbali nomdwebi wezithombe zeBig Sister, Little Sister kanti futhi udwebe izithombe zezincwadi zezingane eziningi kanye nencwadi i-Freckleface Strawberry ebhalwe nguJullianne Moore. ULeUyen Pham uma ekhuluma ngePhupho LikaNkulunkulu uthi: “Ukuba yingxenye yale ncwadi, ephethe umyalezo woxolo, kube yinto ebalulekile kakhulu kumina uma ngikhumbula ukuthi ngashiya iVietnam eyayihlakazwe yizimpi ngesikhathi sokuhlulwa kweSaigon nginonyaka owodwa ngizelwe. Indodana yami izalwe ngesikhathi sokubhalwa kwale ncwad, lokhu kunikeza umyalezo wethemba nothando ngokuphelele.”  ULeUyen Pham uhlala futhi usebenza eSan Francisco nomyeni nendodana yakhe.

View full details
Colourful cubes that hold books at outdoor street library in Soweto

Give a book

Buy an extra copy of your book and we'll donate it to one of our outdoor Street Libraries, or to one of our reading programmes. Just add a note to your card with the code #buyabookforachild.