Skip to product information
1 of 1

Izinkabi: Yasho Inganono Laphalala Igazi

Izinkabi: Yasho Inganono Laphalala Igazi

Nathi Olifant

Regular price R 300.00 ZAR
Regular price Sale price R 300.00 ZAR
Sale Sold out
Taxes included.
Quantity

UMazwi Nxumalo yibhungu elidabuka ezindaweni zasemakhaya kwaNongoma elakhetha ukuyeka isikole lazithola seliphila ebumnyameni bomhlaba wezinkabi zasehostela laseGlebelands. Ukuphuma emndenini wakubo okhungethwe ubumpofu kwenze izinkinga zanqwabelana kuMazwi. Ubalekela nendoda engaqondakali kanye nezicathalala zayo azibhadama zibulala umlisa thizeni ehlathini kwaNongoma. Emuva kokujwayela izindlela zaserenki yamatekisi eThekwini nakho konke okuhambisana nemboni yamatekisi, uMazwi uzithola eseqeqeshelwa ukudubula eqeqeshwa ngamaphoyisa ayizikhohlakali angabangani bomphathi wakhe, uZenzele. Kuthi lapho evakashele ekhaya kwaNongoma, akhungwe ukucasuka, abulale umngani wakhe ababefunda naye esikoleni futhi bedlala naye eqenjini lebhola lendawo ngemuva kokuzwa ukuthi ukhulelise isinqandamathe sakhe, uS’ma. Ethukutheliswe yisenzo sikaMazwi sokubulala, ebona nokuthi uzophuma esandleni, uZenzele unquma ukuthi sekuyisikhathi sokuthi amuyise enyangeni ukuze aqine, aphinde athwale. Emva kokuphothula ukuthwala, uMazwi uphenduka umshini wokubulala ongathandabuzi. Njengoba izidumbu zinqwabelana, okubalwa kuzo namaphoyisa aphenya ubugebengu bakhe, kuyanyukela nokuthatheka kwakhe ngezinhlamvu ezilashwe ngomuthi kanye nothando lowesifazane abaphathi bakhe abakholelwa ukuthi uzomcekela phansi. Ukushona kukayise kudalula indaba eshaqisayo mayelana nokuqashwa kwale nsizwa ukuba ibe yinkabi, futhi izothatha wonke umuntu esondelene naye ihambe naye kulolu hambo oluyingozi.

View full details