Sehlukene Sindawonye: Indaba Yobandlululo
Sehlukene Sindawonye: Indaba Yobandlululo
Couldn't load pickup availability
Zifundele indaba ethathekisayo ethi Sehlukene Sindawonye: Indaba Yobandlululo, ecubungula umzabalazo weNingizimu Afrika ilwisana nezinhlelo ezaziwa ngobubi emlandweni zokwahlukanisa imiphakathi ngobuhlanga. Ngamehlo omuntu omdala owaphila ngaphansi kwalo mbuso, le ncwadi imema abafundi bayo ukuthi babukisise bangene shi emlandweni oyinkimbinkimbi futhi odabukisayo wombuso wobandlululo, esikhathini lapho isibindi nokubekezela kwagqama kakhulu ngaphansi kwengcindezelo.
Yayinjani impilo ngaphansi kombuso wobandlululo? Ingabe umbuso wamakholoni wayesula kanjani imilando enothile namasiko abantu bomdabu bakuleli? Kusukela ekwenqatshelweni kwabo ilungelo lokuvota kuya emithethweni enesihluku yokwahlukanisa abantu eyayilawula ukuphila kwabantu kwansuku zonke – lapho babehlala khona, besebenza, ngisho nokuthi ubani ababevumeleke nababengavumelekile ukushada naye. Yayilawula lonke uhlangothi lwempilo yabo kusukela kwezemfundo kuya kwezemidlalo.
Nakuba ubandlululo selwaphela ngokusemthethweni, umthelela walo usabonakala nanamuhla. Le ncwadi yenziwe njengesikhumbuzo esisemqoka sokuzinikela okwenziwa, nohambo oluqhubekayo olubheke emphakathini obandakanya bonke abantu ngokweqiniso.
Sehlukene Sindawonye incwadi engaphezu nje kwencwadi yomlando – inhlabamkhosi ebiza isizukulwane esisha ukuba sifunde siqonde okwenzeka kudala ukuze sikwazi ukubumba ikusasa elingcono.
Share
