CSM Nozizwe Jele
Sesizophila Ngale Ndlela
Sesizophila Ngale Ndlela
Nozizwe Cynthia Jele
“Mina ngangiye ngicabange ukuthi ukuphefumula komuntu okokugcina sekuphuma umndondo, kuba wumsindo ozwakala ukude, ogqamile nosala ulenga emoyeni samcabango ophazanyiswe ungakaphinyiswa. Kanti-ke akunjalo neze, ukuphuma komphefumulo kadadewethu omdala, uFikile, akuyeli ngisho nakancane kulokho. Kuthule kuthe cwaka, akukho msindo ohohoza emphinjeni wakhe. Akukho nakuqhwisha komzimba okuwumlibe. Akukho ngisho nokuzabalaza kodwa lokhu, okuwumzamo wokulwela impilo. UFikile ushona kalula nje, wena owabona isibani sithi lwaphe, kuphele kanjalo ukukhanya.”
Njengoba udadewabo ka-Anele Mabuza, uFikile, ebulawe umdlavuza webele, nobaba wakhe esalala kobandayo, umama wakhe esevuke wazithintitha ngemva kweminyaka ezinikele etshwaleni kanti nomfowabo omncane uMbuso, edliwa intukuthelo enganqamuki, akukho angakwenza u-Anele ngaphandle kokuba azibambe ziqine. Kodwa uzokwenza yini lokho? Phela uma kukhulunywa iqiniso, akazange azinikele ekutheni umndeni wakhe uzoba umthwalo osemahlombe akhe. Ngokuqinisekile amaphupho akhe ayiqiniso.
Share
Give a book
Buy an extra copy of your book and we'll donate it to one of our outdoor Street Libraries, or to one of our reading programmes. Just add a note to your card with the code #buyabookforachild.
Subscribe to our emails
Subscribe to our mailing list for insider news, product launches, and more.