Skip to product information
1 of 1

uHector: Umfana, Umbhikisho nesithombe Esashintsha Umbuso Wobandlululo Ngu-Adrienne Wright

uHector: Umfana, Umbhikisho nesithombe Esashintsha Umbuso Wobandlululo Ngu-Adrienne Wright

Regular price R 160.00 ZAR
Regular price Sale price R 160.00 ZAR
Sale Sold out
Taxes included.
Quantity

Usuku lomhla zili-16 kuNhlangulana, 1976 - kanti eSoweto, izitshudeni ziyaviva. Uhulumeni wobandlululo ufuna kufundiswe abafundi ngesiBhunu, manje-ke abafundi bathukuthele. Ngokuphazima kweso abantu bonke elokishini sebegcwele emgwaqweni, kungekudala umhlaba wonke uzokwazi ngalo kanye nesihluku sobandlululo. 

 

Le ndaba yosuku olubi kakhulu kodwa futhi olubalulekile emlandweni waseNingizimu Afrika ixoxwa ngoHector, umfanyana nje ojwayelekile waseSoweto, u-Antoinette, udadewabo omdala, kanye noSam, intatheli engumthwebuli wezithombe. Ngokuhambisana nemifanekiso enamandla, u-Adrienne Wright uxoxa indaba kaHector Pieterson futhi ulandisa ngezigameko eziphula umphefumulo ezaphaphamisa umhlaba wonke ngobubi bobandlululo.

 

Le ncwadi iyifa lokuhlonipha igama lomfowethu futhi sizolazisa ezizukulwaneni ngezizukulwane ezizayo." - Antoinette Sithole, udadewabo kaHector Pieterson. 

View full details